Owayefunda e-UKZN, uDkt Shamila Ramsookbhai, Uhlanganisa Ubuciko Nokuxoxa Izindaba

Click here for English version

Kumfundi wakudala waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) uDkt Shamila Ramsookbhai, ubuciko yinto akade ayithanda.

Wathetheka ukuchazwa ngamagama nezithombe esemncane kwaphenduka kwabawukubhala, ubuciko nendawo yobumba.

Ubudlelwano buka-Ramsookbhai neNyuvesi obeminyaka engamashumi. Wenza iziqu i-BA in Fine Arts eNyuvesi yase-Durban-Westville ngonyaka wezi-1988, walandelisa nge-Higher Diploma in Education (UHDE) ngonyaka wezi-1990 wenza i-Onazi kwi-English Literature ngowezi-2002 neMasitazi kwi-Cultural Studies ngowezi-2003.

Uyise, iciko elinesiphiwo, lamenza wathanda ubuciko namagama. Ukhumbula efunda i-Blackie’s Illustrated Dictionary amahora amaningi, echazwa yinhlanganisela yamagama nezithombe.

Ukuswela imali kwacishe kwavimba izinhlelo zokuthi ayofunda enyuvesi kodwa umqashi kanina wakhokha u-R143 owawudingeka. Ngemva kwalokho wafunda ngemifundaze. “Ngiwumphumela wemifundaze,” kusho yena.

U-Ramsookbhai ubonga abafundisi abaningi abambumba. UDkt Vedant Nanackhand wamfundisa ubuciko bokudweba ngesikhathi enza i-Fine Arts, kwathi uSolwazi -uLabby Ramrathan wamluleka ngesikhathi enza ucwaningo lobudokotela. Uma echaza u-Ramrathan uthi “yisihlakaniphi nomeluleki”.

Ukufunda kwakhe kumhambise amazwe aphesheya amaningi. Ngonyaka wezi-2023 u-Ramsookbhai wethula amaphepha ocwaningo ayisikhombisa kwingqungquthela ye-American Educational Research Association (AERA) e-Chicago, okukhombisa iqhaza lakhe kwimfundo nocwaningo.

Uthando lwakhe lokubhala lwamenza wabhala izincwadi. Usebhale izincwadi ezimbili kanti incwadi yakhe yokuqala ethi My Milkshakes Bring All the Boys to the Yard, itholakala emanyuvesi aseMelika ali-11 kanti incwadi yakhe yesibili ithi Eat, Pray, Die. Uthi akakakholwa namanje. “Ngifisa sengathi ngingabuyela emuva ngitshele mina oneminyaka eli-12 ukuthi ‘Ungalahli ithemba’. Angikholwa. Angikholwa osekwenzekile.”

Izindaba zakhe zisuselwa ezintweni ezenzeka kuyana nazibonayo bese ezinonga ngobuciko. Ufisa ukuthi abafundi bahleke, bakhale futhi bazibone kubalingiswa bakhe. “Izincwadi zami zingethe,” kusho yena.

U-amsookbhai uyabhala, aluke, enze ingadi, abumbe. Unendawo yokubumba kwakhe e-Clare Estate i-The Eat Play Clay Club, kanti ubhala incwadi ehlanganisa ukumangaza nothando.

Iselulekoo sakhe kubabhali abasafufusa nabanye abafundi base-UKZN nabakudala sithi: Yibanezifiso ezinkulu, ugxile kkuzona, uhlale ufisa ukufeza iphupha lakho.”

Ku-Ramsookbhai, impumelelo isho ukubanemali, ukweneliseka nokujabulela impilo nsuku zonke.

Amagama nesithombe: wuAyabulela Mbhele

Latest

I-Reclaiming UQOBO Ibheke Ukuxhumana Phakathi Kobugugu Nempilo

Isifundo Sokuqala Besigxile Kwezempilo Ezinobuqotho

Related

Umfundi Wezobudokotela Uhlabene Emncintiswaneni Wocwaningo LweFiziyoloji

Iqembu le-Goalball Lase-UKZN Libuye neSiliva Emqhudelwaneni wase-Clermont