Click here for English version
Abafundi baseNyuvesi beKwaZulu-Natal (UKZN) Marine Life Club bahlanganyele namavolontiya ayizinkulungwane ekuhlanzeni indawo egudle ulwandle kumkhankaso i-2026 International Coastal Clean-up (ICC).
I-ICC eyenziwa minyaka yonke, nehlelwa yi-Ocean Conservancy, ihlanganisa amavolontiya ukususa izibi emabhishi nasezizalweni zolwandle bese kubhalwa phansi izinhlobo zikadoti eziqoqwayo. Lolu lwazi lungena kumarekhodi ezibi zolwandle asemhlabeni jikelele, okusiza abacwaningi ukuthi baqonde imithombo nezindlela okuhlukene kokugcona kwasolwandle. Selokhu lolu hlelo lwaqala ngonyaka wezi-1986, cishe ayizigidi ezingama-20 amavolontiya, asuse udoti ongamakhilogremu ayizigidi ezili- 181 emhlabeni wonke.
I-ICC yangonyaka wezi-2026 ibihlelwe ngokubambisana ne-North Durban KZN Wildlife Conservation Honorary Officers noMnyango waMahlathi, Ezokudoba neMvelo. Kwi-UKZN Marine Life Club, lo mcimbi ubeyithuba lokwenza isayensi yasemanzini bukhoma. Le nhlangano yabafundi ibilethe abafundi e-Beachwood ukuthi bazolekelela ukuvikela imvelo yasemanzini.
Kubantu abebambe iqhaza bekukhona izingane zesikole, abafundi basenyuvesi, abantu abasebenza emkhakheni wokuvikela imvelo namalungu omphakathi. Ukubamba iqhaza kwabo kugcwalise umsebenzi wososayensi, izinhlangano ezivikela imvelo nomphakathi wokuvikela ulwandle.
Imvula enamandla ibikade idudulele izibi osebeni lwe-Beachwood ngaphambi kokuthi kuhlanzwe, okukhombisa ukuxhumana phakathi kwezinto ezenzeka emhlabeni, ezitamkokweni, emifuleni, ekuweleni nasolwandle. Ukungcola okungena emigudwini yamanzi kungafinyelela olwandle, okwenza kubenesidingo kuzo zonke izindawo zamanzi ukuvikela imvelo. Ngalolu suku abantu abayi-1 200 baqoqe udoti ongamathani ayisishiyagalombili indawo engamamitha ali-5000 yosebe lolwandle ngamahora amabili.
Lolu suku lubeyithuba yokufundisa ngokonga imvelo. USolwazi Ursula Scharler, ungoti wezifundo zempilo yasemanzini waseSikoleni seZolimo neSayensi, uSolwazi Akash Anandraj, ungoti wezifundo zemitata nezokuvikela imvelo eMangosuthu University of Technology nowayefunda e-UKZN, bakhulume nabantu akade bekhona. Bobabili babalule ukubaluleka kokuhlanza imvelo yasemanzini nesidingo sokuthi umphakathi uhlale uvikela izinto ezisemanzini.
UMnuz Trevor Govender, owenza izifundo zobudokotela e-UKZN noyilungu leKZN Wildlife Conservation, ubengumphathi wohlelo, edidiyela izinto phakathi kwezethameli nezikhulumi.
IPhini likaNgqongqoshe weZamahlathi, Ezokudoba neMvelo, uMnuz Narend Singh, uthule inkulumo yosuku ngokuvikela ulwandle nezinto zasemanzini.
U-Singh noNks Vuyi Radebe, imenenja enkulu yezinto zasemanzini Ezemvelo KZN Wildlife nowayefunda e-UKZN, banike abantu ababambe iqhaza nabaxhasi izitifiketi.
I-UKZN Marine Life Club ithole isitifiketi ngeqhaza layo ekuhlanzeni nelabafundi abavikela imvelo.
Kubafundi, lolu suku lukhombise ukuthi ulwazi lwesayensi, iqhaza lomphakathi nokuvikela imvelo ngokwenza kungabambisana. Basebenze nezingane zesikole, amalungu omphakathi amadala ukukhombisa ukuthi ukuvikela imvelo akugcini emagumbini okwenza ucwaningo, emaphepheni ocwaningo nasemagumbini okufunda kepha kudlulela olwandle, emitateni nasemiphakathini.
Ngohlelo lwe-Ocean Conservancy lwangonyaka odlule kwaqoqwa amabhodlela eplastiki ayisigidi esi-1.3 nezivalo zamabhodlela ezingama-886 emhlabeni wonke. Lezi zibalo zikhombisa izinga lokungcola kwasomanzini olwandle. Izibi ezilahlwa ezweni zihamba zizezifinyelele ezitamkokweni, emifuleni, emitateni nasolwandle. Ukususa izibi ngaphambi kokuthi zifinyelele olwandle kungasiza ukuvikela izindawo zokuhlala izilwane nezilwane zasemanzini.
Lolu suku lufakazele ukubaluleka kokuhlanganisa ulwazi lwesayensi nokuthi umphakathi wenze ngezandla ukuvikela imvelo.
E-Beachwood, abafundi bakhethe ukunyakaza; basusa isibi ngasinye.
USolwazi uScharler uthe: “Ukucosha izibi ngenye yezindlela zokuvikela imvelo. Ngezinsuku ezinje, abantu bafunda ukuthi ukususa izibi akusho nje ukususa into engcolisayo kodwa kusho ukuvikela imvelo yezinhlobo zezilwane eziningi zezilwane ezihlala olwandle. Ekugcineni, siphila ngazo.”
Amagama: yi-NdabaOnline
Izithombe: Zithunyelwe