Click here for English version
Iqembu lamadoda le-goalball laseNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) liwine isiliva emqhudelaneni wosuku weKwaZulu-Natal (KZN) Goalball Association obuseHholo loMphakathi KwaDabeka, e-Clermont.
Womabili amaqembu abesilisa nawabesifazane athole amava awusizo okuqhudelana ngesikhathi ebhekene nezimbangi ezivuthiwe.
Kulo mqhudelwano bekukhona amaqembu ayisithupha, obekuyi-UKZN, Umbilo Giant Killers (UGK), i-Durban Sharks, i-Durban Lions, i-Richards Bay ne-Isibani, kwathi lo mqhudelwano wayithuba elihle lokuthi abadlali bahlole amakhono abo, babheke umdlalo wabo, babone izindawo okudingeka ukuthi ukuthi baziphucule.
Iqembu labesilisa liqale umkhankaso walo ngokudla i-Richards Bay ngo 19-17, lakhombisa ukuzimisela nokungaxhamazeli uma libhekene nengcindezi. Emdlalweni wamanqamu libhekane no-Umbilo Giant Killers kodwa ladliwa ngo 11-1, laqeda endaweni yesibili emqhudelwaneni.
Iqembu labantu besifazane livule nge-Richards, ladliwa ngo 13-7, kwaba liyaphuma emqhudelwaneni. Ngale kwalo mphumela, lo mdlalo ubenezifundo eziningi ukusiza abadlali ukuthi balungiselele imiqhudelwano yakusasa kangcono.
Umqeqeshi uMnu Derrick Munyai uwancome womabili amaqembu ngokuzinikela nokuzimisela kwawo.
“Ngiyaziqhenya ngamaqembu womabili ngokuzinikela nokuzimisela kwawo. Abafana bakhombise amaqhinga amahle ukuthola indebe yesiliva, kanti amantombazane athole ulwazi olubalulekile. Sizoqhubeka nokusebenza kanzima uma siziqeqesha ukuphucula umdlalo wethu nokulungiselela imincintiswano yakusasa,” kusho yena.
Umfundisi wase-UKZN neMenenja yeQembu uDkt Khumbuzile Khumalo uncome iqembu labesilisa ngamaqhinga, wakhuthaza abantu besifazane ukuthi badlale imidlalo elandelayo ngokuzethemba.
“Abantu besifazane ngabadlali abanethalente, abangenza izinto ezinkulu kanti ngibakhuthaza ukuthi bazethembe benze abakufunda ngesikhathi sokuqeqeshwa. Uma bengatatazeli, bengaxhamazeli emidlalweni, bangadlala kangcono, bawine imidlalo,” kusho yena.
Wengeze ngokuthi impumelelo yeqembu labantu besilisa ikhombisa ukukhula kwabo kulomdlalo, nakuba kusenesidingo sokwenza kangcono. Uthe wethemba ukuthi bazokwanda abafundi abazodlala i-goalball e-UKZN ngonyaka wezi-2027.
Umqhudelwano wase-Clermont ubuyisendlalelo somncintiswano we-goalball ezweni obuseNyuvesi yase-North-West ngasekuqaleni kukaMfumfu, lapho amaqembu eqhudelane nezimbangi ezinamava. Le mincintiswano iqhakambise ukubaluleka kokuphosa ngendlela enembayo, ukuxhumana ngendlela efanele, ukuvika ngamandla nokukhalipha ngamaqhinga.
I-goalball wumdlalo weqembu owenzelwe abasubhathi abanokukhubazeka emehlweni. Abadlali basizwa ukuzwa, ukuqaphela nokwazi ukuthi kwenzekani eduze kwabo ukuze bazi ukuthi ibhola likuphi, bavimbe futhi bahlele ukuhlasela.
Ulwazi olutholakale emqhudelwaneni wase-Clermont luzosiza abadlali nethimba labaqeqeshi ukuthi baphucule izindlela zokuziqeqesha, balungise amaqhinga uma sebeyodlala imiqhudelwano ezayo. Kubalulekile ukudlala njalo ukuthuthukisa umdlalo wabantu abakhubazekile nokwandisa amathuba abafundi abanokukhubazeka emehlweni.
UDkt Khumalo ubonge abaphathi beNyuvesi, iNhloko yeZemidlalo uMnu Zwelithethindaba Sapula, IMenenja yoPhiko oLuseka Abakhubazekile uMnu Amith Ramballie, isikhulu sezemidlalo uNks Tenza, umnyango we-Biokinetics, Exercise and Leisure Sciences, uSolwazi Rowena Naidoo nabafundi abanokukhubazeka ngokubhasa kwabo.
Iqembu lifisa ukwandisa ukwesekwa kwabo ngonyaka wezi-2027 ukumelana nezinselelo elibhekane nazo ngalo nyaka, ukwenza kangcono amalungiselelo nokuphucula imiphumela yakusasa. UDkt Khumalo ufisele abafundi base- UKZN izilokotho ezinhle njengoba belungiselela ukuhlolwa, wabakhuthaza ukuthi baqhubeke nokuzimisela nokuphokophela impumelelo emfundweni yabo nasemidlalweni yabo.
Amagama: wuNombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe