Umfundi Wezobudokotela Uhlabene Emncintiswaneni Wocwaningo LweFiziyoloji

Click here for English version

Umfundi weziqu zobudokotela waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) uNksz Bongeka Mshengu uklonyelisiwe ngocwaningo lwakhe ngefiziyoloji yabantu emncintiswaneni we-Physiology Society of Southern Africa (PSSA) Wyndham.

UNksz Mshengu uphume isibili emkhakheni womethuli ovelele weziqu zobudokotela, waphuma isithathu emkhakheni wezikhulumi.

Ucwaningo lukaNksz Mshengu belubheka ukuthi ukudla okudliwa wumama wosana olungakazalwa lungabanamuphi umphumela ekubeni nesifo sikashukela uma selukhulile. Ucwaningo lwakhe lubheke ukukhiqizeka kwe-insulin kwizicubu zesibindi namathambo ukuqonda ukuthi amazinga aphezulu e-insulin ngesikhathi umuntu wesifazane ekhulelwe kungabanamuphi umphumela uma ingane isikhulile.

Lolu cwaningo luqhakambise ukubaluleka kokuthi umuntu ahlolelwe ushukela ngaphambi kokuthi akhulelwe ukuqonda ukuthi impilo kamama okhulelwe ingabanamuphi umphumela esizukulwaneni esilandelayo.

Umncintiswano i-PSSA Wyndham unika abacwaningi ithuba lokukhombisa umsebenzi wabo, bazise ngemiphumela yocwaningo futhi baxoxe nabanye abacwaningi emkhakheni weFiziyoloji.

UNksz Mshengu uthe uthakasile futhi uyabonga ukuthi ucwaningo lwakhe luklonyelisiwe, wathi le miklomelo eyomsebenzi wokuzikhandla, ukuzinikela nokubekezela kwakhe ohambweni lwakhe lemfundo.

Wengeze ngokuthi lo mklomelo ukhulise ukuzithemba kwakhe futhi wamkhuthaza ukuthi aqhubeke nokukhula njengomncwaningi futhi wamkhumbuza ukuthi ukucwaningo kuwuhambo lokuqhubeka nokufunda, ukuphokophela nokuthola ulwazi olusha.

UNksz Mshengu ubonge ukucathuliswa nokwesekwa ngumeluleki wocwaningo lwakhe uDkt Sethu Ngubane ne-Endocrine Research Family, ababeneqhaza elibalulekile ohambweni lwakhe locwaningo.

UDkt Ngubane uthe, “Ngiwumeluleki ngiziqhenya kakhulu ngempumelelo yakhe. Kumnandi kakhulu ukubona kukhula ukuzithemba kwakhe, ukubona amagalelo akhe nokumbona edlondlobala njengososayensi omncane. Le miklomelo ingubufakazi bokuzinikela kwakhe nokubaluleka kocwaningo lwakhe. UBongeka uyakhula kanti ngithemba ukuthi uzoqhubeka nokuzithemba, athathe amathuba avelayo futhi angabukeli phansi umphumela angawenza. Kuseyisiqalo lesi, kanti ngikubheke ngabomvu ukumbona eqhubeka nokukhula, adlondlobale futhi aqophe umlando kwisayensi.”

Impumelelo yakhe iqhakambisa igalelo labacwaningi base-UKZN abasafufusa ocwaningweni oluhlose ukwandisa ulwazi nokufundisa ngezempilo.

Amagama: wuLunga Memela

Isithombe: Sithunyelwe

Latest

I-Reclaiming UQOBO Ibheke Ukuxhumana Phakathi Kobugugu Nempilo

Isifundo Sokuqala Besigxile Kwezempilo Ezinobuqotho

Related

Iqembu le-Goalball Lase-UKZN Libuye neSiliva Emqhudelwaneni wase-Clermont

Climate Change and Africa’s Economic Growth Challenges Tackled at Symposium