Isifundo Sokuqala Besigxile Kwezempilo Ezinobuqotho

Click here for English version

KuSolwazi Mergan Naidoo, ubudokotela abupheleli ekulapheni isiguli ngasinye. Kusho ukuqonda imindeni, imiphakathi nezempilo ezithinta iziguli nokuthola izindlela zokuphucula ezokwelapha.

Lo mqondo ubuyinsika yesifundo sakhe sokuqala eNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) ebesinesihloko esithi ‘From Service to Scholarship: Transforming Family Medicine through Social Accountability, Clinical Excellence and Educational Innovation’.

U-Naidoo, owenziwa uSolwazi oGcwele emkhakheni woBudokotela boMndeni ngoMasingana wangonyaka wezi-2025, esifundweni sakhe ukhulume ngeminyaka evile kwengama-36 emkhakheni wezempilo eNingizimu Afrika, wanaba ngokuthi umsebenzi wobudokotela, ucwaningo nemfundo kungasebenzisana kanjani ukuphucula ezempilo, ikakhulukazi emiphakathini entulayo.

Lo mfundi wakudala wase-UKZN wathweswa iziqu i-MBChB eNyuvesi yaseNatali ngowezi-1989, walandelisa ngezinye izifundo zobuDokotela woMndeni, iziqu zobudokotela zeMpilo yoMama neMasitazi yeMfundo yeMikhakha YezeMpilo yase-Keele University e-United Kingdom.

U-Naidoo wake wasebenza ezibhedlela saseGreytown, i-Northdale ne-Wentworth, lapho athuthukisa ayegxile khona ekwelapheni imindeni, udokotela wabantu besifazane, ukunakekela abanesandulela-ngculazi, ukulapha abalimele nezindlela zokuphatha ezokwelapha.

Ukusebenza kwakhe e-Greytown kwagcwalisa ukuzinikela kwakhe ukusebenzela umphakathi, okwamkhuthaza ukuthi aseke uhlelo lokondla umphakathi olwagcina lusimeme lwayinto enkulu ukukhombisa ukuthi umsebenzi wokwelapha awupheleli ngaphakathi kwezindonga zesibhedlela.

Ucwaningo luka-Naidoo ngempilo yomama lwalubuyekeza uhlu lwe-World Health Organization (WHO) olubheka ukuphepha kwabantu uma kuhlinzwa ezibhedlela ezili-18 zaKwaZulu-Natali. Imiphumela yalolu cwaningo yabayisisekelo sezinga lokunakekela omama ezweni lonke, okwakhombisa ukuthi ucwaningo lungasetshenziswa kwanjani ukuphucula indlela yokunakekela iziguli.

Ngesikhathi sobhubhane i-COVID-19, u-Naidoo wayehola ithimba elihlanganise ongoti bemikhakha ehlukene yokwelapha e-Wentworth Hospital, elalihlanganise abasebenzi bezempilo, izimenenja, izinyunyana nomphakathi ukuhlale limi ngomumo, ukuphucula ukungena nokuphuma kweziguli nokwandisa izindlela zokuphefumula.

Uhlelo lokulawula ubungozi aluhlanganisela iwodi emukela abagula kabucayi negumbi labagula kakhulu lanciphisa izinga lokufa kweziguli e-Wentworth Hospital, kwathi lo mkhankaso waklonyeliswa kwingqungquthela i-South African Medical Association (SAMA) Health Summit. Umsebenzi wakhe olandelayo uhlose ukubhekana nesifo sikashukela i-Type 2 Diabetes Mellitus emitholampilo yaseThekwini.

Waphothula ukufundisa ubudokotela ngohlelo lokubambisana kwamanyuvesi aseNingizimu Afrika ayisishiyagalolunye ngokusebenzisa i-Entrustable Professional Activities (EPAs) and nendlela yokuhlola abantu abafundela ukwelapha umndeni besemsebenzini. Uhlaka lwalufaka ama-EPA angama-22 nendlela yobuchwepheshe yokuphucula ukuqeqesha nokuhlola odokotela.

U-Naidoo, oseke wasezikhundleni zokuhola e-College of Family Physicians of South Africa, e-Colleges of Medicine of South Africa nakwi-South African Medical Association, ugcizelele ukuthi umsebenzi wezemfundo obonakalayo kufanele uphucule indlela yokusebenza futhi udalele abanye abantu amathuba.

“Ungabuki umsebenzi wakho ngokuthi uzuzani kuphela. Wubuke nangamathuba owadalela abanye abantu,” kusho yena.

Isifundo sakhe sigcizelele ukubaluleka kokuxhumanisa ukusebenza, ucwaningo nemfundo ukwenza indlela yokwelapha ehambisana nezidingo zabantu nokuthuthukisa odokotela bakusasa.

Amagama: wuLunga Memela

Isithombe: Sithunyelwe

Latest

I-Reclaiming UQOBO Ibheke Ukuxhumana Phakathi Kobugugu Nempilo

Umfundi Wezobudokotela Uhlabene Emncintiswaneni Wocwaningo LweFiziyoloji

Related

Iqembu le-Goalball Lase-UKZN Libuye neSiliva Emqhudelwaneni wase-Clermont

Climate Change and Africa’s Economic Growth Challenges Tackled at Symposium