Click here for English version
Ubudlelwano phakathi kobugugu bamasiko, uqobo nempilo bekuseqhulwini eNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) esifundweni somphakathi ebesinesihloko esithi ‘Asiyeni Exhibeni: Reclaiming UQOBO, Reconnecting with Our Heritage and Restoring Our Wellbeing’, okusho ukuthi asibuyiseni uqobo ngokubuyela kubugugu bethu nokubuyisa uqobo lwethu.
Kulesi sifundo ebesihlelwe yi-Ma’at Institute neMbuso Khoza Institute bekukhona ingwazi yomculi, umbhali nenqolobane yamasiko uMbuso Khoza, obheke ukubaluleka kokuxhumanisa ubugugu base-Afrika nezindlela zolwazi lwendabuko emkhankasweni wokuziqonda nokubuyisa ubuntu bethu.
Lesi sifundo sinxuse izethameli ukuthi zininge ngoQOBO, okuwukujula komuntu ngengaphakathi lakhe elihlanganisa umoya nengqondo nokuthi lokhu kuqonda kuhlangana kanjani nesiko, ulimi, umlando, umndeni nomphakathi.
Emukela izethameli uDkt Bongane Mzinyane, umfundisi weziFundo zeNhlalakahle, uchaze iNyuvesi njengo“mbhoshongo ongathintwa”, wakhuluma ngeqhaza lamanyuvesi lokuba yizigcawu lapho kuhlangana khona ulwazi lomphakathi nemfundo yesikole.
Le ngxoxo iphikise ukuqonda okuvamile ngempilo obugxila esimweni somzimba nesengqondo. Iqhakambise ukuxhumana phakathi komzimba, ingqondo, umphefumulo nomoya kanjalo namandla esiko, ulwazi lomphakathi, ubudlelwano nezigameko zomlando.
UMzinyane uthe: “Ukuxhumana nemvelaphi yakho akusho nje ukuvele ubheke imuva lakho; kusho nokuqonda ukuthi ulwazi lwesiko lokuqhubeka kanjani ukubumba uqobo lomuntu, ubuzwe nomphakathi wesimanje.”
Lo mcimbi ukhombise ukuthi ubugugu bungaphezu kwemikhuba namasiko. Buwumkhombandlela umuntu aziqonda ngawo, umphakathi wakubo nendawo yakhe emhlabeni.
Kugqame umculo, izinkondlo, ukuhaya nokuxoxa izindaba njengezindlela ezibalulekile zokugcina nokudlulisa ulwazi isizukulwane nesizukulwane. Ekhuluma ngazo njengezindlela zesiko ezilekelela izingane nabantu abasha ukuthi baqonde imvelaphi yabo, ulimi nomphakathi wabo, ilungu le-Ma’at Institute uMnu Kwanele Xaba lithe lezi zindlela zikhombisa ukuthi ubugugu bubonakala kanjani ezintweni, ubudlelwano bomndeni namasiko omphakathi imihla ngemihla.
Ugcizelele ukubaluleka kokudlulisela la masiko esizukulwaneni esilandelayo, wengeza ngokuthi “aqhakambisa umsebenzi wemindeni nemiphakathi ukuqinisekisa ukuthi ulwazi lwamasiko luqhubeka ludluliselwe nezizukulwane ezincane. Ngomculo, ulimi, izindaba namasiko omndeni, ulwazi ludluliselwa esinye isizukulwane kwesilandelayo.”
Lo mcimbi ugqugquzele ingxoxo phakathi kwezikhungo zemfundo ephakeme nemiphakathi olwazi lwayo nempilo yayo inothisa ukufundisa, ucwaningo nokusebenza.
Amazwi okwetshisa namazwi okubonga kaSolwazi Sibonisile Zibane agcizelele ukubuyela kwimvelaphi, ingoma yawuphetha kahle lo mbuthano.
UXaba ucule i-Asiyeni Exhibeni ukukhuthaza abantu akade bebambe iqhaza ukuthi zibuke ubugugu njengento ephilayo neqhubeka nokubumba uqobo, ubudlelwano nempilo yomuntu.
UNks Zama Mbheke wase-Ma’at ubuze umbuso oxukuze ugebheze kubantu othi uma ulimi luyindlela esiziqonda ngayo, kwenzekani uma ulimi esiziqonda ngalo lungasaxhumeni nemvelaphi yethu? Lo mbuzo wenze abantu bajula ngobudlelwano phakathi kolimi, uqobo, ubugugu besiko nendlela esiziqonda ngayo.
Amagama: wuSinoyolo Mahlasela
Izithombe: Zithunyelwe