I-HIRAX Collaboration Ihlangane E-Switzerland Ukudingida Impumelelo YeSayensi

Click here for English version

I- Hydrogen Intensity and Real-time Analysis eXperiment (HIRAX) Collaboration isanda kuhlangana e-Zurich, e-Switzerland, emhlanganweni obuhlelwe yi-ETH Zurich. Amalungu amathimba asezindaweni ezihlukene emhlabeni abambe iqhaza mathupha nasezigcawini zokuhlangana ngobuchwepheshe.

I-HIRAX wumsebenzi wezomkhathi wasemhlabeni jikelele oholwa yiNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN). Wubuchwepheshe bezipopolo obakhiwa e-Swartfontein eKaroo, eNyakatho Kapa, lapho amanyuvesi ahlukene nezinhlangano zocwaningo zaseNingizimu Afrika nezaphesheya bebambe iqhaza kubona. I-HIRAX izokwazi ukubona imisebe ye-hydrogen evela emkhathini. Abacwaningi bazosebenzisa le misebe ukubheka izinto ezisemkhathini nokuthi umhlaba ushintshe kanjani.

I-HIRAX izokwenza abacwaningi bakwazi ukucwaninga izinto ezikhafulwa yimisebe yezinto ezisemkhathini.

USolwazi u-Kavilan Moodley wase-UKZN ongumcwaningi omkhulu ubalule ukubaluleka kwalo mhlangano. “Umhlangano we-HIRAX Collaboration ukhombisa ukubaluleka kokubambisana kwamazwe asemhlabeni nokusebenzisana ekuthuthukiseni ezomkhathi emhlabeni wonke,” kusho uMoodley.

Kulo mhlangano amalungu angabalingani abuyekeze ukuqhubeka komsebenzi nocwaningo oselwenziwe ngamathimba abambe iqhaza. Izingxoxo zidingide izindishi zasemkhathini, ubuxhakaxhaka bukagesi, izindlela zamakhompyutha nedatha okudingekayo ukusebenzisa umshini wokuthwebula umkhathi.

Abacwaningi badingide ukuthi imininingwane ewumthamo omningi ezovela kwi-HIRAX iqoqwa, ihunyushwe futhi icwaningwe kanjani. Babuyekeze amalungiselelo okuhlola okuzokwenziwa nemiphumela yokuqala yesayensi, okubalwa kuyona indima esikhathuliwe nomsebenzi odingekayo ukusebenzisa umshini wokupopola.

Abafundi abenza ucwaningo nabacwaningi abasafufusa babambe iqhaza ezingxoxweni nabacwaningi bakwamanye amazwe. Ubukhona. babo bukhombise iqhaza le-HIRAX ekuqeqesheni nasekucijeni emkhakheni wezomkhathi.

UMoodley uqhube wathi: “Ngokuhlanganisa abafundi, abacwaningi, izifundiswa nongoti balo mkhakha, sakha amakhono azoqhubeka nokuqinisa iqhaza leNingizimu Afrika endimeni yomkhathi.”

Amagama: wu-Prashina Ramcharan

Isithombe: yi-ETH Zurich

Latest

I-Reclaiming UQOBO Ibheke Ukuxhumana Phakathi Kobugugu Nempilo

Isifundo Sokuqala Besigxile Kwezempilo Ezinobuqotho

Related

Umfundi Wezobudokotela Uhlabene Emncintiswaneni Wocwaningo LweFiziyoloji

Iqembu le-Goalball Lase-UKZN Libuye neSiliva Emqhudelwaneni wase-Clermont