Click here for English version
Namuhla wusuku lwenjabulo. Wusuku olusho ukuqala kohambo oluzokuxukuza ugebhezi ngokwemfundo, lukubumbe bese kuthi ekugcineni lusho izimpilo ezingebalwe zabantu ozobasebenzela ngelinye ilanga.
Lawa ngamanye amagama enkulumo yokuvula kaSolwazi Andile Khathi ngesikhathi ekhuluma emcimbini wejazi elimhlophe waminyaka yonke i-White Coat Ceremony, ebihlanganise abafundi nabaholi beSikole sobuDokotela ngesikhathi esibalulekile ohambweni lwabafundi lokubangodokotela.
UKhathi uphethe umklomelo i-Distinguished Teacher Award futhi usanda kuqokwa ukubayiPhini likaDini woPhiko yeSayensi yoBudokotela eKolishi leSayensi yeZeMpilo, obekhuluma egameni leDini neNhloko yeSikole SezobuDokotela saseNyuvesi yaKwaZulu-Natali uSolwazi Refiloe Masekela.
Kumfundi owenza iziqu zobudokotela, zimbalwa izinto ezinkulu njengokugqoka ‘ijazi elimhlophe’ okokuqala empilweni. Leli jazi, elingaphezu kwento yokugqoka, lisho ukwethemba, umsebenzi, uzwelo nejoka lokunakekela izimpilo zabanye abantu.
Kulo mcimbi obuhlelwe wuMkhandlu Wabafundi wasekhempasini yezobudokotela nobuse-Medical School Exam Hall, uKhathi uthe: “Ijazi elimhlophe enilithola namhlanje aliwona umfaniswano nje. Liwuphawu lokuthenjwa. Nisekude ukuthweswa iziqu, umphakathi uzoqola ukunibheka ngamanye amehlo. Uma abantu benibona nigoduka nifake amajazi enu, bazoqala banithembe ngoba ngelinye ilanga impilo yabo iyobasezandleni zenu, ngakho igunya lokugqoka ijazi lihambisana nejoka elikhulu.”
Lo mcimbi, obuphethwe wumfundi owenza unyaka wesihlanu nonamakhono amaningi uNks Sthokozile Shangase, awugcinanga ngokubayithuba lokugubha impumelelo yabafundi abafinyelele kwisimesta yesibili eSikoleni seZobuDokotela kodwa ubukhombisa indlela ebahlalele.
Elinye lamazwibela kubeyinkulumo yomfundi owenza unyaka wokugcina uMnuz Mlondolozi Mazibuko, ogqugquzele abanye abafundi ngokuxoxa ngohambo lwakhe ngemva kokubawumfundi ovelele kamatikuletsheni ngonyaka wezi-2017 kuya kwisifiso sakhe sokubawudokotela. Ngemva kokuqala ngokubhalisela izifundo zeFamasi e-UKZN, wabona ukuthi uthando lwakhe lobuDokotela lunamandla.
Ngonyaka wezi-2020, uMazibuko wathatha igxathu elikhulu washintshela kwizifundo ZobuDokotela, nakuba kwakufanele aqale phansi. Uhambo lwakhe lumfundise ukuzibamba, ukunamathela entweni oyenzayo nenhloso kwaguqula ukuzikhandla kwakhe ezifundweni kwamvulela iminyango eminingi namathuba emfundo.
Phakathi kwenye impumelelo kaMazibuko wukuqokwa ohlelweni olukhokhelwe yi-UKZN ngokugcwele lokuyofunda e-Medical University of Graz e-Austria, lapho abona khona izindlela zokuhlinza ezisezingeni eliphezulu, wabona amanye amazwe eYurophu. Ekhuluma ngohambo lwakhe, uMazibuko ukhuthaze iQoqo elizoqala ngonyaka wezi-2031 ukuthi lisukume, lithathe amathuba avela ngaphandle kwasegumbini lokufunda, lufunde izinto eziningi ngesikhathi lifundela ubuDokotela.
Umyalezo kaMazibuko ubulula. Ubuthi: “Yenza okukhulu ukuze ubemkhulu.” Unxuse abafundi ukuthi babekezele uma bebhekana nezinselelo zaseSikoleni sobuDokotela, babambelele kwinjongo yabo bese beqinisekisa ukuthi abagcini ngempumelelo yencwadi kuphela.
Kulo mcimbi kunandise iqembu lomculo i-Medmelodies, elishaye into ecokeme kulo mgubho. Umculo, umdanso, uhleko nokuziqhenya ngomkhakha wobudokotela bekuhamba phambili ngalolu suku.
Lo mcimbi ugcizelele impilo nejoka lomsebenzi wobudokotela. Isilomo esasifunda eSikoleni seZobuDokotela nesifundisa Isifundo seNgaphakathi Lomuntu uDkt Sandile Kubheka ukhulume nabafundi ngalo msebenzi, wabahlomisa ngolwazi olusho ungabheki egumbini lokufunda kuphela kodwa olusho ukunamathela emsebenzini wokulapha.
Abafundi bafundiswe ngokubaluleka kokuzivikela nokuzilungiselela ngenkulumo kaNks Zodwa Mahlangu wase-Medical Protection Society.
Isikhathi esibalulekile kulo mcimbi kubengesoKwenza Isifungo, ebesiholwa wuKubheka. Ngokusho isifungo, abafundi bakhombise isibopho sabo ezimisweni nasemsebenzi wobudokotela.
UKubheka uthe: “Ubumqoka bejazi elimhlophe abugcini entweni eliyimele. Liyisikhumbuzo esibonakalayo sokuthi ubudokotela bungabantu: isithunzi sabo, impilo yabo, ngezinye izikhathi ubuthaka babo. Kubafundi abaqala lesi sahluko sohambo lwabo, lo mcimbi ubusho ukusuka ekubeni ngabafundi bezokwelapha kuya ekubeni yizisebenzi zangomuso zomkhakha wokuzidela, ubuqotho nozwelo.”
Uhlelo lomcimbi luphethe ngenkulumo kaNobhala woMkhandlu Wabafundi weSikole SobuDokotela uMnuz Siseko Siramza, elandelwe wukushutha izithombe, ubumnandi nokudla, izitshudeni zathola ithuba lokuzijabulisa ndawonye.
Lo mcimbi ubeyisikhumbuzo kwisizukulwane sangomuso sabafundi bezobuDokotela sokuthi uhambo lokubawudokotela alugcini ngokuxilonga nokuphumelela izifundo kuphela kodwa futhi lusho izibopho ezibahola emsebenzini wabo ngazo zonke izikhathi.
Ngesikhathi kugqokwa amajazi amhlophe, kuthathwa isifungo, kuqale isahluko esisha. Kuqala uhambo olumqoka lokubawudokotela.
Amagama: wuLunga Memela
Izithombe: Zithunyelwe