Click here for English version
Umfundi wakudala noseqhuba izifundo eNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN), uMnuz Warren Mkhize, udlulele kowamanqamu emncintiswaneni (i-Entrepreneurship Development in Higher Education) i-EDHE Absa Entrepreneurship InnoVarsity 2026 emkhakheni i-Existing Business – Social Impact ngebhizinisi lakhe elingavamile elitshala amakhowa i-MycoPro.
Umncintiswano wamanqamau uhlelwe yi-EDHE mhla wama-26 ngoLwezi eGauteng.
UMkhize wasungula i-MycoPro ngemva kokungawutholi umsebenzi ngemva kokuphothula iziqu zakhe i-Bachelor of Social Science in Geography and Environmental Management ngonyaka wezi-2020. Esikhundleni sokuthi avumele le nselelo yokungasebenzi, wangena ebhizinisi, esebenzisa imfundo yakhe ukwakha ibhizini eligxile kwezolimo nokukhiqiza ukudla.
Leli bhizinisi liguqula imfucuza yezolimo, okubalwa kuyona usodasi notshani, ekutshaleni amakhowa ekhethelo. Le ndlela isebenzisa izibi, ibe ikhiqiza ukudla okunomsoco futhi idala amathuba omsebenzi embonini yezolimo.
Manje uMkhize uqhuba izifundo zakhe njengoba enza i-Postgraduate Diploma in Food Security e-UKZN, ukuqinisa ukuxhumana phakathi kwezifundo zakhe nebhizinisi lakhe.
“Ngiyaziqhenya ukuthi uhambo lwami ne-MycoPro luyaqhubeka ukuhlanganisa izifundo zami zokuphatha ezemvelo nokuqinisekisa ukuthi kunokudla nebhizinisi eliphathekayo,” kusho uMkhize.
Ngebhizinisi lakhe, uMkhize uhlose ekuphoseni esivivaneni sokuthi ukudla kungashodi, ukudala amathuba omsebenzi nezolimo ezichumayo ngokukhombisa ukuthi imfucuza yezoli ingaguqulwa ibewumkhiqizo wokudla okuyigugu.
Ukudlulela esigabeni samanqamu ezweni kulandela ukuphumelela ezigabeni zokuqala zomncintiswano we-EDHE Absa Entrepreneurship InnoVarsity 2026. Lo mncintiswano unika abafundi abangosomabhizinisi ithuba lokukhombisa amabhizinisi abo nelokuqhudelana emikhakheni ehlukene.
Umkhakha i-Existing Business – Social Impact uklomelisa amabhizinisi asebenzisa ucwaningo, indlela entsha yokwenza izinto nobuchwepheshe ukubhekana nezinselelo zezenhlalo, Ezemvelo noma zomphakathi ebe enza inzuzo.
KuMkhize ukufinyelela esigabeni samanqamu somncintiswano yigxathu elikhulu njengoba ibhizinisi lakhe lilungiselela ukusabalela ezweni lonke.
UMkhize uthe: “Ukudlulela kumanqamu ezweni yigxathu elikhulu kimina nakwi-MycoPro. Yithuba lokumela iKwaZulu-Natali esigabeni sezwe lonke nokukhombisa ukuthi ibhizinisi elincane lingalibamba kanjani iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi kunokudla okwanele, ukudala amathuba omsebenzi nezolimo ezonga imvelo ngokuguqula izibi zibengukudla okunomsoco.”
Njengoba elungiselela amanqamu, uMkhize ugxile ekuphuculeni isethulo sakhe ngebhizinisi nokuqinisa indlela yokuqonda ibhizinisi nokuphatha izimali kwe-MycoPro. Okunye akwenzayo wukwazisa ngamandla ebhizinisi, amathuba alo okukhula nombono wakhe.
“Ngimatasa ngiqinisekisa ukuthi ngikwazi ukuchaza kahle amandla ethu, amathuba okukhula nombono,” kusho yena.
“Okunye engigxile kukhona wukuqinisekisa ukuthi ngikhuluma ngokuzethemba nokuqinisekisa ukuthi amajaji awagcini nje ngokuqonda esikwenzayo kodwa futhi aqonda namagalelo esihlose ukubanawo.”
Abaya kumanqamu ezweni bazobamba iqhaza kwikhempu yokuqeqeshwa nohlelo lokucijwa ngaphambi kokuqhudelana kumanqamu ezweni.
Impumelelo kaMkhize ikhombisa ithalente losomabhizinisi phakathi kwezitshudeni zase-UKZN futhi likhombisa amandla amabhizinisi aphethwe yizitshudeni ukuqhamuka nezisombululo kwizinselelo zezemvelo, ezokutholakala kokudala nezenhlalo nezomnotho.
Amagama: wuLungile Ngubelanga
Isithombe: Sithunyelwe