I-UKZN Ne-ELET Babambisene Ukuthuthukisa Umkhakha Wezinkulisa

Click here for English version

ISikole seZemfundo saseNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) sibambisene ne-Environment and Language Education Trust (ELET) ukuqinisa umkhakha wezinkulisa nokweseka izindawo zokufundisa izingane ezisencane ezisezingeni eliphezulu, ezifaka wonke umuntu nezichumayo.

Uhlelo i-Education for Sustainable Development in Early Childhood Education and Care (ECEC) luhlose ukusebenzisana nezinhlangano ezinamava emphakathini ukulekelela amanyuvesi ukuthi asebenzise ulwazi lwezemfundo othisha basenkulisa nezinkulisa ababhekene nazo.

IDini neNhloko yeSikole uSolwazi Emmanuel Mgqwashu neNhloko yeZifundo ZaseNkulisa uSolwazi Angela James bayavumelana ukuthi lo mkhankaso ukhombisa iqhaza elibalulekile elingabanjwa ngamanyuvesi ukuhlanganisa ucwaningo nolwazi ekutheni lusebenze kwizidingo zomphakathi.

“Lobu budlelwano bukhombisa iqhaza elibalulekile elingabanjwa ngamanyuvesi ekunciphiseni igebe phakathi kolwazi nezinto emphakathini. Ngokusebenzisana nezinhlangano ezinamava emphakathini, sikwazi ukuqinisekisa ulwazi lwezemfundo lukwazi ukuba yinto esiza umphakathi ngendlela ebonakalayo esimweni nezidingo zothisha basenkulisa nezinkulisa. Lo mkhankaso ukhombisa isibopho sethu sokweseka ikusasa lemfundo yasenkulisa nokuqeqesha abasebenza kulo mkhakha emphakathini.”

Injongo enkulu yalo mkhankaso wukubona ukuthi izingane zidinga izindawo eziphephile nezinakekelayo ezigqugquzela impilo, ubuciko nokufuna ulwazi. Lolu hlelo lugxile ezindaweni ezimqoka ezine, okungamandla kathisha, ubuholi nokuphatha, impumelelo nezinsiza zokufunda.

UNks Nareshini Ranganthan, uMqondisi we-ELET, uthe lo mkhankaso ukhombisa ukubaluleka kokutshala ezinganeni zisakhula.

“Zonke izizukulwane zinomsebenzi wazo ocacile: ukuqinisekisa ukuthi zonke izingane zingena esikoleni ukuyofunda, ukuchuma nokubaneqhaza elibonakalayo emphakathini,” kusho yena. “Lolo hambo luqala eminyakeni yokuqala yempilo ngesikhathi kubekwa isisekelo sokufunda, sempilo nempumelelo yempilo yonke.”

Lolu hlelo luhlinzeka ngamaqhinga asebenzayo okuthola usizo lwezimali namakhono okusebenzisa izinsiza ukuze kuchume izinkulisa. Kuhlinzekwa ngezincwadi zokufundisa ukukwazi ukufunda nezinsiza zokufunda ngokudlala ukugqugquzela ukuthola ulwazi olusha, ukufunda amagama nokuthola nothando lokufunda izincwadi.

UNks Ranganthan ugcizelele ukubaluleka kokudlala okunenhloso ekukhuleni kwezingane. “Ngokudlala okunenhloso, izingane zithola amakhono okuqonda izinto, olimo, empilo, emizwa nawomzimba wonke ayisisekelo sokufunda ngomuso,” kusho yena.

Lolu hlelo lusebenza e-Cato Manor, lapho othisha basezinkulisa nezinkulisa bengabokuqala ukuhlomula. Nokho amandla alo afinyelela kwizinkulungwane zezingane ezizohlomula ngokubanezindawo ezithuthukile neziphephile.

Amava e-ELET kulo mkhakha ayisisekelo esiqinile salo mkhankaso, njengoba le nhlangano isiqeqeshe othisha abangaphezu kwezi-1 800. Lokhu kufakazela ubuhle bobambiswano phakathi komkhakha wemfundo ephakeme, izinhlangano zomphakathi nemiphakathi ekuletheni ushintsho olunempumelelo.

Lo mkhankaso uhlose ukuphosa esivivaneni sezinhlelo zezinkulisa nokuphucula impilo yezingane ngesikhathi zisakhula.

“Ikusasa leNingizimu Afrika lizobunjwa yizingane ezincane zidlala, zibuza imibuzo futhi zithola izinto nothisha nabaholi abaziholayo,” kwengeza uNks Ranganthan. “Ngokutshala kwizinkulisa ngobudlelwano obuqinile, sakha isizukulwane ezineqholo nesiphokophela ukwakha ukwakha iNingizimu Afrika yawo wonke umuntu nenekusasa.”

Amagama: wuSinoyolo Mahlasela

Izithombe: Zithunyelwe

Latest

I-Reclaiming UQOBO Ibheke Ukuxhumana Phakathi Kobugugu Nempilo

Isifundo Sokuqala Besigxile Kwezempilo Ezinobuqotho

Related

Umfundi Wezobudokotela Uhlabene Emncintiswaneni Wocwaningo LweFiziyoloji

Iqembu le-Goalball Lase-UKZN Libuye neSiliva Emqhudelwaneni wase-Clermont